Umqulu Wamalungelo Nezibopho (Bill of Rights and Responsibilities, BRR) Yocwaningo Lwe-HIV

Le dokhumenti inikeza uhlu olufushane lwamalungelo nezibopho onazo ngenkathi ubamba iqhaza esivivinyweni sezokwelapha se-HIV Vaccine Trials Network (i-HVTN). Inhloso yalo Mqulu Wamalungelo Nezibopho ukusiza ababambiqhaza bocwaningo bazenzele izinto futhi babambisane nezisebenzi zocwaningo. Bona ifomu lemvume enolwazi ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa.

The Participants' Bill of Rights and Responbilities are available in the following languages:

Amalungelo Ombambiqhaza

Njengobambiqhaza wocwaningo lwe-HIV/AIDS lwe-HVTN, unelungelo:

  • Lokuba nalo lonke ulwazi olwaziwayo, kubandakanye izingcuphe nezinzuzo ezingaba khona zokubamba iqhaza ocwaningweni, ezizokwethulwa kuwe ngendlela ongayiqonda. Lokutshelwa nganoma iluphi ulwazi olusha olufundwe ngesikhathi socwaningo. 
  • Lokuba yonke imibuzo yakho iphendulwe. 
  • Lokwenqaba ukujoyina ucwaningo noma unqume ukushiya ucwaningo nganoma isiphi isikhathi. Lokwenqaba nokujoyina noma iluphi ucwaningo lokulandelela otshelwa ngalo. Ngeke ulahlekelwe yinoma imaphi amalungelo okukhulunywa ngawo kule dokhumenti uma wenqaba ukujoyina ucwaningo noma ushiya ucwaningo.
  • Lokuba nendawo yocwaningo engenakho ukucwaswa. Lokho okukhethayo, izimiso, izinkolelo namasiko akho azohlonishwa abantu abaqhuba ucwaningo.
  • Lokuthunyelwa kwezokwelulekwa, izinsizakalo zokwesekwa, zezokwelashwa nezokunakekelwa ekuguleni obhekana nakho ngesikhathi socwaningo, kubandakanye i-HIV.
  • Lokuthola usizo lokuxazulula izinkinga zezenhlalo ezihlobene nocwaningo kanye/noma ukucwaswa. Ngemvume yakho, singaxoxa nabantu osicela ukuthi sixhumane nabo ukuze sichaze kabanzi ngokubamba kwakho iqhaza ocwaningweni.
  • Lokwelashelwa ukulimala komzimba, uma kwenzeka, nganoma ikuphi ukulimala okungenzeka kuhlobene nemikhiqizo noma izinqubo zocwaningo kunanoma iyiphi enye imbangela, ngokwezinga elichazwe efomini lemvume yocwaningo. Kunezimali okufanele zikhokhelwe ukulimala okunjalo. Iqembu elibuyekeza izinkinga zocwaningo yilona elinquma ukuthi kukhona yini ukuhlobana kwalezi zinto. Ungacela ukuthi isinqumo sibuyekezwe uma ungavumelani naso. Ezimweni ezithile, izimali zingase zingeneli ukukhokhela ukwelashwa okuphelele. Amaqembu abandakanyeka ocwaningweni azofuna izimali ezithe xaxa uma kudingeka, kodwa asinakuziqinisekisa. Izisebenzi zakho zocwaningo zizokunika ulwazi oluthe xaxa ngalolu daba futhi ziphendule noma yimiphi imibuzo onayo noma zikuxhumanise nomuntu ofanelekayo ozophendula imibuzo yakho.
  • Lokuhlolelwa i-HIV mahhala futhi okunembile ngesikhathi socwaningo. Uma, ekupheleni kocwaningo, unemiphumela ebonisa ukuthi une-HIV edalwe umkhiqizo wocwaningo kodwa hhayi igciwane le-HIV, ungathola ukuhlolwa kokulandelela emtholampilo wocwaningo noma ngesevisi yokuhlolwa ye-HVTN kuze kube yilapho imiphumela ibonisa ukuthi awunalo igciwane.
  • Losizo lokufinyelela izibopho zocwaningo. Uhlu lwezinto ongazithola uzolunikezwa yisikhungo sakho socwaningo. 
  • Lobumfihlo. Ukuxhumana namarekhodi aphathelene nawe nokubamba kwakho iqhaza ocwaningweni azokwabiwa kuphela uma kudingeka ukuze kuqhutshwe ucwaningo, noma uma kufunwa umthetho. Ukubona ifomu lemvume enolwazi lesikhungo sakho socwaningo ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa.
  • Lokunikwa ikhadi lesibonakaliso locwaningo elibonisa ukuthi usocwaningweni. Leli khadi olithola uma uthanda lizoba nenombolo yocingo kanye/noma nekheli lomuntu onganikeza ulwazi oluthe xaxa.
  • Lokulondoloza amalungelo akho omthetho. Njengombambiqhaza wesivivinyo, awuwalahli noma imaphi amalungelo akho.
  • Lokutshelwa ukuthi uthole umuthimbumbulu noma umuthi wocwaningo osebenzayo uma ucwaningo luphela, noma uma kudingeka kwezokwelapha.
  • Lokuthola ulwazi lwakamuva ngokuqhubeka kocwaningo, ukutshelwa ukuthi imiphumela yocwaningo izotholakala nini, nokuba izisebenzi zocwaningo zabelane nawe futhi zikuchazele imiphumela yocwaningo.
  • Lokwazi uma zikhona izindleko ezihambisana nokubamba iqhaza nokuthi ingabe uzonxeshezelwa yini ngokubamba kwakho iqhaza.

Izibopho Zombambiqhaza

Njengobambiqhaza wocwaningo lwe-HIV/AIDS lwe-HVTN, unesibopho:

  • Sokubuyekeza nokubonisa ukuthi uyaziqonda zonke izinto ozinikeziwe, kubandakanye namadokhumenti emvume enolwazi. Sokucela incazelo nganoma iluphi ulwazi ongaluqondi ngaphambi kokuvuma ukubamba iqhaza ocwaningweni. Futhi ungasibuza imibuzo noma nini ngesikhathi socwaningo.
  • Sokwenza isinqumo esinolwazi mayelana nokuthi uyalibamba yini iqhaza kulolu cwaningo ngemuva kokuhlaziya izingcuphe nezinzuzo. Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi ucwaningo luphathelene nani. Izisebenzi zizokusiza ngalokhu. Uma kukusiza ukuthi wenze isinqumo, xoxa nabantu obethembayo futhi obahloniphayo mayelana nokuthi ingabe ukujoyina ucwaningo kukulungele yini.
  • Sokutshela izisebenzi zocwaningo ngokushesha okukhulu uma ubhekana nokucwaswa kanye/noma ukuhlukunyezwa emphakathini ocabanga ukuthi kuhlobene nokubamba iqhaza esivivinyweni.
  • Sokunganikeli ngegazi noma ukunikela ngezitho noma olunye uketshezi lomzimba ngesikhathi socwaningo.
  • Sokuthi ukuhlolelwa kwakho i-HIV kwenziwe kuphela esikhungweni socwaningo uma nje ucwaningo lusaqhubeka. Xoxa nezisebenzi zocwaningo uma kufanele uyohlolwa kwenye indawo.
  • Uma ukwazi ukukhulelwa, ugweme ukukhulelwa ngesikhathi socwaningo ngokusebenzisa izindlela zokuvimbela inzalo ezisebenzayo. Izisebenzi zizobuyekeza izindlela zokuvimbela inzalo ezisebenzayo kanye nawe.
  • Sokugcina ama-aphoyintimenti akho ocwaningo. Ukutshela izisebenzi zocwaningo ngokushesha uma udinga ukuhlela i-aphoyintimenti kabusha.
  • Sokuphatha izisebenzi zocwaningo ngenhlonipho.
  • Sokukugcina kuyimfihlo ukubamba kwabanye iqhaza ocwaningweni.
  • Sokunika izisebenzi zocwaningo ulwazi oluphelele noluyiqiniso oluhlobene nocwaningo. Ukutshela izisebenzi zocwaningo nganoma iluphi ushintsho lwemininingwane yakho yokuxhumana noma ulwazi lwezempilo.
  • Sokulandela imiyalelo yezisebenzi zocwaningo ngokusemandleni akho. Ukubambisana nezisebenzi zocwaningo ukuze ulondoloze impilo yakho nokuphepha ngesikhathi sesivivinyo.
  • Sokutshela izisebenzi zocwaningo ngokushesha okukhulu uma ungenakukwazi ukuqhubeka noma uma unquma ukuyeka ukubamba iqhaza ocwaningweni.

Izibopho Zezisebenzi Zocwaningo

Izisebenzi zocwaningo lwe-HVTN, kubandakanye uMphenyi Oyinhloko (i-PI) kulo mtholampilo wocwaningo, zinesibopho sokulandelayo:

  • Ukuxhumana nomphakathi wendawo ngezindaba eziphathelene nocwaningo nokuqinisekisa ukumelelwa ngendlela efanele kwababambiqhaza esivivinyweni sezokwelapha. 
  • Ukuziphendulela nokuthola isiqondiso esivela esigungwini esiphethe ezocwaningo, njengeBhodi Elibuyekeza Izikhungo (i-IRB) noma ikomiti elifanayo elibuyekeza ezesimilo ocwaningweni.
  • Ukuthola imvume enolwazi kubabambiqhaza yayo yonke imisebenzi ehlobene nocwaningo noma izinto ezihlobene nalo. Uma kukhona izinguquko ezinkulu zocwaningo, kuzotholwa imvume evela kubabambiqhaza bamanje futhi.
  • Ukuqhuba ucwaningo ngendlela enesimilo, kubandakanye ukuvikela amalungelo, ubumfihlo nenhlalakahle yababambiqhaza ocwaningweni. Ekupheleni kocwaningo, izisebenzi zocwaningo zinesibopho sokutshela ababambiqhaza ukuthi imiphi imikhiqizo abebeyithola futhi babelane ngemiphumela yocwaningo nababambiqhaza kanye nomphakathi. 
  • Ukunikeza abantu abafanele abangaya kubo ukuze bathole ukwelulekwa, amasevisi okuvimbela i-HIV, amasevisi okwelashelwa i-HIV, kanye/noma amasevisi osizo lwezengqondo nezenhlalo uma kudingeka ngesikhathi socwaningo. 
  • Ukuphendula yonke imibuzo nezinto ezikhathaza ababambiqhaza bocwaningo ngesikhathi.
  • Ukuphatha ababambiqhaza bocwaningo ngenhlonipho.